Ukwehliswa isithunzi uwakwakho

Ukwehliswa isithunzi uwakwakho

Ngenze njani uma uwakwami ekhuluma okungeyikho kumbe okungiphoxayo emndenini noma kubangani? Angicabangi usuke ekuqondile kodwa mina kugcina kungehlisa isithunzi.Sekuyiminyaka yenzeka lento.Ekuqaleni ngangiye ngimlinde size sibe sobabili bese ngigonyuluke kuye.Manje sekuvese kwadlanga futhi sengibona kungcono ngivese ngingasalindi manje kodwa ngimdumele khona esidlangalaleni ze ngivikele isithunzi sami.Yikuphi eningakusho?